ULwesithathu, Novemba 4, 2020

IMVELAPHI YEGAMA LENDAWO YASESIPHINGO

Isiphingo

Indawo yaseSiphingo itholakala eningizimu yedolobha laseThekwini, esifundazweni saKwaZulu-Natali. Le ndawo iqhele ngebanga elingamakhilomitha angama-20 ukusuka edolobheni eThekwini. ISiphingo sifaka phakathi izindawo ezifana ne-Isipingo Rail, Isipingo Hills, Lotus Park, Orient Hills,Isipingo Beach kanye neMalakazi. Isiphingo sidume kakhulu njengendawo yezimboni eziqasha abantu abaningi bakule ndawo kanye nabaqhamuka ezindaweni ezakhele iTheku. Bude buduze nosebe lolwandle lwaseSiphingo, kukhona indawo enkulu yenkampani yezimoto yakwaToyota. Zingaphezu kwezinkulungwane ezingama- 30 izakhamizi ezakhele indawo yaseSiphingo. 


Ibalazwe elikhombisa indawo yaseSiphingo kanye neTheku


Imvelaphi nomlando wegama

Kuthiwa ngesikhathi sokubusa kweLembe, iNkosi uShaka, abantu bakwaLuthuli babecasha emahlathini asendaweni yaseSibubulungu lena esibizwa nge Bluff. AbakwaLuthuli babebalekela iLembe besaba ukuthi lizobahlasela njengoba lalinezinsolo zokuthi abakwaLuthuli babengamankengane (izifika namthwalo). Kuthiwa laba bakwaLuthuli babephila ngokudla izithelo zasendle. AbakwaLuthuli babesaba ukuzinikela eLembeni njengoba lona lalizinze KwaKhangela amankengane lena esibizwa nge Congella. Igama lenkosi yakwaLuthuli kwakunguSiphingo, nendawo yaziwa ngokuthi kukwaSiphingo. Kude buduze nakwaSiphingo, abakwaCele bafika nabo bahlala endaweni yakwaMakhutha. uMakhutha kwakuyigama lomholi wabantu bakwaCele owabaholela kule ndawo.

UDick King

Umnumzane womlungu owayebizwa ngoRichard Philip "Dick" King wazalwa ngonyaka we-1811, wadlula emhlabeni ngonyaka we-1871, wayengumhwebi wamaNgisi aphinde abe ngomunye wabaholi bamaNgisi eKoloni yase Natali. UKing uthe uma efika kuleli waba umphathi wendawo yokugaya umoba eSiphingo, leyo ndawo wayiphatha waze wadlula emhlabeni. UKing waziwa kakhulu ngesigameko sakhe sokugibela ihhashi ebhekise amabombo eGrahamstown ngonyaka we-1842 ethunyelwe ukuba ayofuna usizo njengoba amabutho amaBhunu ayewathwalise kanzima amaNgisi. 

Ngenxa yokushoda kwezisebenzi emasimini kamoba, uKing wakwazi ukuthola abomdabu baseNdiya abazokwenza imisebenzi emasmini omoba. Ukushoda kwabasebenzi kwenziwa ukuthi abohlanga babengayigqizi qakala eyokusebenzela abamhlophe. Lokho kwalandelwa ukuthi abamhlophe bashaye umthetho wokukhokhwa kwentela. Lokho kwaphoqa amadoda ukuthi ayosebenza ukuze athole imali yokukhokha intela.


UmfanekisokaDick King osedolobheni eThekwini


Umthelela weGroup Areas Act (1950)

Ngonyaka we-1963, indawo yaseSiphingo yaba indawo yabomdabu baseNdiya kphela, lokhu kwenzeka kulandela ukushaywa komthetho wokuhlaliswa kwabantu ngokobuhlanga ngonyaka we-1950. Ngaphambili kukanyaka we-1963, le ndawo kwabe kuyindawo yabamhlophe, uMkhandlu weDolobha wahlanganiswa ngonyaka we-1925. Abamhlophje ababehlala eSiphingo baphoqwa ukuthi bathengise imizi yabo kwabomdabu baseNdiya.


Isiqephu sephephandaba