Umlando wegama lendawo yakwaMashu
Kule blog ngizochaza kafushane ngomlando nangokuqambeka kwegama le ndawo yakwaMashu, eThekwini. Ilokishi lakwaMashu litholakala enyakatho nedolobha laseThekwini. Ukusuka edolobheni eThekwini uya kwaMashu kuyibanga elilinganiselwa kumakhilomitha angama-20.
Ngokomlando leli lokishi lasungulwa ngonyaka we-1959. Leli lokishi liqanjwe ngomnumzane womlungu owayebizwa ngoMarshall Campbell. Abantu abamnyama babona kunzima ukubiza leli gama lika Marshall, kwazise abaningi babengakaze balubhade esikoleni, lokho kwakwenza kube nzima ukuba babize ngendlela efanele amagama esilungu. Nalo ke elikaMarshall balishintsha bathi uMashu, nendawo kwathiwa kukwaMashu.
Wayengubani uMarshall Campbell?
Omunye uzozibuza ukuthi yini le engaka ayebaluleke ngayo lo mnumzane kangangokuthi nendawo ize iqanjwe ngaye. UMarshall uzalwe ngonyaka we-1848 ezalelwa edolobheni laseGlasgow, eScotland, kwelamaNgisi. Ufike eNingizimu Afrika ngonyaka we-1850 nabazali bakhe ngomkhumbi emncane, eneminyaka emibili. Bathe uma befika kuleli uyise wathenga umhlaba, waba umlimi oqavile enamasimu kamoba, enendawo futhi yokuwugaya umoba. Ngemva kokudlula kukayise emhlabeni, uMarshall uqhubekile nomsebenzi kayise wokuba umlimi kamoba wadlala indima enkulu emkhakheni wezokulinywa komoba eNatali.

Ngenxa yamagalelo akhe uMarshall wahlonishwa kakhulu. Waba yiLungu loMkhandlu wesiShayamthetho saseNatali, waqokelwa nasesikhundleni sokuba yiSenator yaseNatal ngonyaka we-1915, waphinde futhi waba yiKhansela lesizwe samaQadi. UMarshall wadlula emhlabeni ngonyaka we-1917.
Umthetho wokuhlaliswa kwabantu ngokobuhlanga
Ngenxa yokwanda kwesibalo
saboHlanga edolobheni laseThekwini, abantu abamhlophe bafakela uMkhandlu ingcindezi
yokuthi ususe abantu bezinye izinhlanga edolobheni kusale bona bodwa. UMkhandlu
wabe usuphoqeleka ukuthi uthenge umhlaba eMkhumbane, abantu abamnyama kanye
naboMdabu baseNdiya basuswa edolobheni basiwa kuleyo ndawo entsha eMkhumbane.
![]() |
Umlando
uyaveza ukuthi kwaba khona umncintiswano ephephandabeni iDaily News wokufuna igama okuzobizwa ngalo indawo yakwaMashu.
Amanye amagama ayegqamile kulo mncintiswano kwakukhona elikaMahlathanyane (Allison
George Champion Mhlongo) nelikaMafukuzela (John Langalibalele Dube).
Lama gama ayephakanyiswe iNative Advisory
Boards eyayiphikisana negama likaMashu. Nokho elikaMashu ilona elagcina
liphumelele.
Isiphetho
Njengamanje indawo
yakwaMashu inesibalo sabantu abalinganiselwa ezi-180 000. Indawo
yakwaMashu inamagama amaningi izakhamizi zakhona ezibiza ngayo indawo yazo, lawo
magama avela emva kwezigameko ezithile ezenzeka kule ndawo. Elijwayeleke
kakhulu ileli elithi kuseSinqawunqawini.
Imithombo yolwazi
http://campbell.ukzn.ac.za/?q=node/47363
https://www.sahistory.org.za/place/cato-manor-durban
http://www.kznhealth.gov.za/KwaMashu/history.htm
https://www.urbanafrica.net/resources/township-renewal-kwa-mashu-case-study/