UNtulikazi inyanga yokubungaza impilo yeqhawe lomzabalazo eNingizimu Afrika, uNelson Mandela. Umhla we-18 kuNtulikazi yilona suku lapho umhlaba wonke jikelele osuke ubungaza impilo yaleli qhawe. UMandela wazalwa ngalo lolu suku ngonyaka we-1918, wadlula emhlabeni mhla zi-5 kuZibandlela wezi-2013. Lokhu kusho ukuthi ukube ubesadla anhlamvana uMadiba ubezobe ehlanganisa iminyaka eyi-102. Kuzokhumbuleka ukuthi uMandela waba nguMengameli wokuqala wohlanga futhi owakhethwa ngokwentandoyeningi kuleli zwe ngonyaka we-1994 ngemva kokuba esehlale iminyaka engama-27 ekuvalelweni ejele e-Robben Island kanye nezinye iziboshwa ezazilwisana noMbuso woNtamolukhuni, okubalwa kuzo u-Andew Mlangeni, Denis Goldberg, Ahmed Kathrada, Raymond Mhlaba, Govan Mbeki kanye nabanye abaningi. Bakhona nabanye abalahlekelwa izimpilo zabo belwela inkululeko abafana noSteve Biko, Solomon Mahlangu nabanye abaningi.
Ngenxa yeqhaza alibamba uMadiba ukulwela amalungelo abantu, ukugqugqumezela uzwano kanye nenkululeko yawo wonke umuntu, waba isibonelo esihle umhlaba wonke. Ilokhu okwenze iNhlangano yeZizwe (United Nations) ukuthi ngoLwezi wezi-2009 imemezele usuku lwe-18 kuNtulikazi njengoSuku lukaNelson Mandela uMhlaba wonke (Nelson Mandela International Day). Ngalolu suku kugqugqumezelwa wonke umuntu ukuba enze okuthile okuhle emphakathini okuzoshintsha impilo yomuntu noma yabantu. Kusezandleni zethu ukushintsha lo mhlaba ukuze ube indawo engcono.
Mhla zingama 18 kuNtulikazi wezi-2020, uNobhala Jikelele weNhlangano yeZizwe u-António Guterres wethule inkulumo yokubungaza uSuku lukaMandela ebhekise emhlabeni wonke. Uqale ngokubhonga emswaneni kanye nomndeni wakwaMandela kanye neNingizimu Afrika njengoba sigubuzelwe ifu elimnyama lokudlula emhlabeni kwenye yamadodakazi kaNelson kanye noMama uWinnie Madikizela-Mandela (yena wadlula emhlabeni ngoMbasa wezi-2018), uZindziswa. Umnumzane uGuterres uhambe ezimfundisweni zikaMandela egcizelela ukuthula nokusebenzisana phakathi kwamazwe ikakhulukazi njengoba umhlaba wonke ubhekene noKhuvethe (Covid-19). Uphinde wagcizelela ukuthi ohulumeni kumele baqhakambise imfundo emazweni abo kusukela emabangeni aphansi kuya kwaphezulu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMandela wayekholelwa ukuthi “Imfundo isona sikhali esinamandla esingasetshenziswa ukushintsha umhlaba”.
UMandela namanje usakhunjulwa ngezinkulumo zakhe ezakhayo, nanamhlanje abantu basacosha emazwini akhe uma bethula izinkulumo. Amazwi akhe ayekhuthaza uthando nokuzwana kubantu bonke yize singabezinhlanga kanye nezinkolo ezihlukene. Amanye amazwi adumile kakhulu ake wawakhuluma ilawa athi “Akekho umuntu ozalwa enenzondo komunye umuntu ngenxa yohlanga kanye nenkolo yakhe. Abantu bayayifundiswa inzondo, uma bekwazi ukufunda inzondo kusho ukuthi bengakwazi nokufundiswa uthando njengoba lona luyimvelo enhliziyweni yomuntu alufani nenzondo yona oyindiswayo”.
ENingizimu Afrika abantu banemibono eyehlukene mayelana nokubungaza lolu suku, lokhu kungenxa yezimo abaphila ngaphansi kwazo njengamanje. Bakholelwa ukuthi impilo yabo ayikashintshi ngale ndlela ababeyilindele nabathenjiswa yona ngenkathi kungena uhulumeni wentandoyeningi. Yebo inkululeko yezombusazwe sayinikwa kodwa eyamandla omnotho asinikwanga. Kuze kube yimanje umnotho usesezandleni zabamhlophe, abaningi bohlanga basadla imbuya ngothi. Abohlanga yibona abaningi ngokwezibalo kuleli zwe kepha yibona abanamandla amancane emnothweni, lokhu kufakazelwa nayizibalo eziphuma kwa Statiscs SA. Izinkomba zithi abamhlophe bahola kakhulu ngokuphindwe kathathu okudlula abohlanga, lokho nokho akwethusi uma ungumuntu ohlala kuleli zwe. INingizimu Afrika yaziwa njengelinye lama zwe ahamba phambili emhlabeni ngokungalingani kwabantu, kukhona omacaphunakusale, izinkinsela, kuphinde kube khona imizi lapho ikati lilala eziko.
Inkinga enkulu engakaxazululeki namanje kuleli zwe ilena ethinta ukubuyiselwa komhlaba kubantu abansundu. Kuzokhumbuleka ukuthi uHulumeni woNtamolukhuni washaya imithetho egunyaza ukuthi abohlanga bathathelwe umhlaba. Akusiwo kuphela umhlaba owabalahlekela ngaleso sikhathi, abanye balahlekelwa imfuyo ababenayo. Ngenxa yokuthi abantu babengasenawo amakhaya baphenduka ondingasithebeni balahlekelwa ubuntu babo, baphoqwa ukuba basebenzele abamhlophe. Izigameko zokuthathelwa umhlaba kwabohlanga ezifana nalezi zase Sharpville, Sophiatown kanye nase District 6 zisavusa uhlevane kubantu abaningi. Kubukeka sengathi kunzima kuhulumeni ukugcina isithembiso sakhe sokubuyisela umhlaba ongama- 30% kubantu abamnyama. UMbiko wokuCwaningwa koMhlaba (Land Audit Report) ophume ngowezi-2017 uveza ukuthi umhlaba ongama-72% usezandleni zabamhlophe, ongama-4% usezandleni zabamnyama.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi leli zwe elawo wonke umuntu ophila kulona, okuyindida ukuthi umnotho akusiwo awowonke umuntu ophila kulo leli zwe. Okunye okuxakayo ukuthi nomhlaba waleli zwe akusiwona awowonke umuntu. Lokhu kusho ukuthi abasemandleni basahlulekile ukwenza okushiwo uMthethosisekelo. Iminyaka ngeminyaka osombusazwe behla benyuka befuna amavoti kubantu abamnyama, uma sebewatholile bayafulathela bekhohlwe izithembiso abazenza, bayakhohlwa isililo senhlupheko emumva la bephuma khona behambele phezulu sebeyoba mdibi munye nondlebezikhanya ilanga.
Sengiphetha, njengamanje inkohlakalo idla lubi kuhulumeni,
osombusazwe baqobelana amavenge nabasondelene nabo. Bese kuthi abavotayo
nokuyibona abahluphekayo kakhulu bacosha nje imvushwana ewayo esithebeni kuhle
kukaLazaru eNcwadini eNgcwele. Kungakuhle ukuthi ngelinye ilanga bakhumbule
amazwi kaMadiba awakhuluma ngonyaka we-1993 emhlanganweni weCosatu lapho khona
athi “Uma uKhongolose enza lokhu okwenziwa uHulumeni wamaBhunu kini, nani anokwenza
lokhu okwenziwa uKhongolose kuHulumeni wamaBhunu”.
Imithobo okucashunwe
kuyo ulwazi
https://www.gov.za/sites/default/files/gcis_document/201802/landauditreport13feb2018.pdf
https://www.un.org/en/events/mandeladay/
https://mg.co.za/article/2018-01-19-00-anc-reclaims-its-central-mission-land/
https://mandelamadiba.wordpress.com/2017/01/08/if-the-anc-does-to-you-what-the-apartheid-government-did-to-you-then-you-must-do-to-the-anc-what-you-did-to-the-apartheid-government-2/
https://www.goalcast.com/2017/05/02/top-nelson-mandela-quotes-inspire-you-to-believe/
https://www.timeslive.co.za/news/south-africa/2019-11-18-whites-earn-three-times-more-than-black-people-stats-sa/
https://www.un.org/sg/en/content/sg/statement/2020-07-18/secretary-generals-nelson-mandela-lecture-%E2%80%9Ctackling-the-inequality-pandemic-new-social-contract-for-new-era%E2%80%9D-delivered