UNtulikazi inyanga yokubungaza impilo yeqhawe lomzabalazo
eNingizimu Afrika, uNelson Mandela. Umhla we-18 kuNtulikazi yilona suku lapho
umhlaba wonke jikelele osuke ubungaza impilo yaleli qhawe. UMandela wazalwa
ngalo lolu suku ngonyaka we-1918, wadlula emhlabeni mhla zi-5 kuZibandlela
wezi-2013. Lokhu kusho ukuthi ukube ubesadla anhlamvana uMadiba ubezobe ehlanganisa
iminyaka eyi-102. Kuzokhumbuleka ukuthi uMandela waba nguMengameli wokuqala
wohlanga futhi owakhethwa ngokwentandoyeningi kuleli zwe ngonyaka we-1994
ngemva kokuba esehlale iminyaka engama-27 ekuvalelweni ejele e-Robben Island kanye
nezinye iziboshwa ezazilwisana noMbuso woNtamolukhuni, okubalwa kuzo u-Andew
Mlangeni, Denis Goldberg, Ahmed Kathrada, Raymond Mhlaba, Govan Mbeki kanye nabanye
abaningi. Bakhona nabanye abalahlekelwa izimpilo zabo belwela inkululeko
abafana noSteve Biko, Solomon Mahlangu nabanye abaningi.
Ngenxa yeqhaza alibamba uMadiba ukulwela amalungelo abantu, ukugqugqumezela
uzwano kanye nenkululeko yawo wonke umuntu, waba isibonelo esihle umhlaba
wonke. Ilokhu okwenze iNhlangano yeZizwe (United
Nations) ukuthi ngoLwezi wezi-2009 imemezele usuku lwe-18 kuNtulikazi
njengoSuku lukaNelson Mandela uMhlaba wonke (Nelson
Mandela International Day). Ngalolu suku kugqugqumezelwa wonke umuntu ukuba
enze okuthile okuhle emphakathini okuzoshintsha impilo yomuntu noma yabantu.
Kusezandleni zethu ukushintsha lo mhlaba ukuze ube indawo engcono.
Mhla zingama 18 kuNtulikazi wezi-2020, uNobhala Jikelele
weNhlangano yeZizwe u-António Guterres wethule inkulumo yokubungaza uSuku
lukaMandela ebhekise emhlabeni wonke. Uqale ngokubhonga emswaneni kanye nomndeni
wakwaMandela kanye neNingizimu Afrika njengoba sigubuzelwe ifu elimnyama
lokudlula emhlabeni kwenye yamadodakazi kaNelson kanye noMama uWinnie
Madikizela-Mandela (yena wadlula emhlabeni ngoMbasa wezi-2018), uZindziswa. Umnumzane uGuterres uhambe ezimfundisweni
zikaMandela egcizelela ukuthula nokusebenzisana phakathi kwamazwe ikakhulukazi
njengoba umhlaba wonke ubhekene noKhuvethe (Covid-19).
Uphinde wagcizelela ukuthi ohulumeni kumele baqhakambise imfundo emazweni abo
kusukela emabangeni aphansi kuya kwaphezulu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMandela wayekholelwa
ukuthi “Imfundo isona sikhali esinamandla esingasetshenziswa ukushintsha
umhlaba”.
UMandela namanje usakhunjulwa ngezinkulumo zakhe ezakhayo,
nanamhlanje abantu basacosha emazwini akhe uma bethula izinkulumo. Amazwi akhe
ayekhuthaza uthando nokuzwana kubantu bonke yize singabezinhlanga kanye nezinkolo
ezihlukene. Amanye amazwi adumile
kakhulu ake wawakhuluma ilawa athi “Akekho umuntu ozalwa enenzondo komunye
umuntu ngenxa yohlanga kanye nenkolo yakhe. Abantu bayayifundiswa inzondo, uma
bekwazi ukufunda inzondo kusho ukuthi bengakwazi nokufundiswa uthando njengoba
lona luyimvelo enhliziyweni yomuntu alufani nenzondo yona oyindiswayo”.
ENingizimu Afrika abantu banemibono eyehlukene mayelana
nokubungaza lolu suku, lokhu kungenxa yezimo abaphila ngaphansi kwazo
njengamanje. Bakholelwa ukuthi impilo yabo ayikashintshi ngale ndlela
ababeyilindele nabathenjiswa yona ngenkathi kungena uhulumeni wentandoyeningi.
Yebo inkululeko yezombusazwe sayinikwa kodwa eyamandla omnotho asinikwanga. Kuze
kube yimanje umnotho usesezandleni zabamhlophe, abaningi bohlanga basadla imbuya
ngothi. Abohlanga yibona abaningi ngokwezibalo kuleli zwe kepha yibona abanamandla
amancane emnothweni, lokhu kufakazelwa nayizibalo eziphuma kwa Statiscs SA. Izinkomba zithi abamhlophe
bahola kakhulu ngokuphindwe kathathu okudlula abohlanga, lokho nokho akwethusi
uma ungumuntu ohlala kuleli zwe. INingizimu Afrika yaziwa njengelinye lama zwe
ahamba phambili emhlabeni ngokungalingani kwabantu, kukhona omacaphunakusale,
izinkinsela, kuphinde kube khona imizi lapho ikati lilala eziko.
Inkinga enkulu engakaxazululeki namanje kuleli zwe ilena
ethinta ukubuyiselwa komhlaba kubantu abansundu. Kuzokhumbuleka ukuthi
uHulumeni woNtamolukhuni washaya imithetho egunyaza ukuthi abohlanga
bathathelwe umhlaba. Akusiwo kuphela umhlaba owabalahlekela ngaleso sikhathi,
abanye balahlekelwa imfuyo ababenayo. Ngenxa yokuthi abantu babengasenawo amakhaya
baphenduka ondingasithebeni balahlekelwa ubuntu babo, baphoqwa ukuba
basebenzele abamhlophe. Izigameko zokuthathelwa umhlaba kwabohlanga ezifana
nalezi zase Sharpville, Sophiatown kanye nase District 6 zisavusa uhlevane
kubantu abaningi. Kubukeka sengathi kunzima kuhulumeni ukugcina isithembiso
sakhe sokubuyisela umhlaba ongama- 30% kubantu abamnyama. UMbiko wokuCwaningwa
koMhlaba (Land Audit Report) ophume
ngowezi-2017 uveza ukuthi umhlaba ongama-72% usezandleni zabamhlophe, ongama-4%
usezandleni zabamnyama.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi leli zwe elawo
wonke umuntu ophila kulona, okuyindida ukuthi umnotho akusiwo awowonke umuntu
ophila kulo leli zwe. Okunye okuxakayo ukuthi nomhlaba waleli zwe akusiwona
awowonke umuntu. Lokhu kusho ukuthi abasemandleni basahlulekile ukwenza okushiwo
uMthethosisekelo. Iminyaka ngeminyaka osombusazwe behla benyuka befuna amavoti
kubantu abamnyama, uma sebewatholile bayafulathela bekhohlwe izithembiso
abazenza, bayakhohlwa isililo senhlupheko emumva la bephuma khona behambele
phezulu sebeyoba mdibi munye nondlebezikhanya ilanga.
Sengiphetha, njengamanje inkohlakalo idla lubi kuhulumeni,
osombusazwe baqobelana amavenge nabasondelene nabo. Bese kuthi abavotayo
nokuyibona abahluphekayo kakhulu bacosha nje imvushwana ewayo esithebeni kuhle
kukaLazaru eNcwadini eNgcwele. Kungakuhle ukuthi ngelinye ilanga bakhumbule
amazwi kaMadiba awakhuluma ngonyaka we-1993 emhlanganweni weCosatu lapho khona
athi “Uma uKhongolose enza lokhu okwenziwa uHulumeni wamaBhunu kini, nani anokwenza
lokhu okwenziwa uKhongolose kuHulumeni wamaBhunu”.
Leli thebula likhombisa Izibalo zokuphathwa komhlaba ngokohlanga eNingizimu Afrika (UMbiko wokuCwaningwa koMhlaba, 2017).
Imithobo okucashunwe
kuyo ulwazi
https://www.gov.za/sites/default/files/gcis_document/201802/landauditreport13feb2018.pdf
https://www.un.org/en/events/mandeladay/
https://mg.co.za/article/2018-01-19-00-anc-reclaims-its-central-mission-land/
https://mandelamadiba.wordpress.com/2017/01/08/if-the-anc-does-to-you-what-the-apartheid-government-did-to-you-then-you-must-do-to-the-anc-what-you-did-to-the-apartheid-government-2/
https://www.goalcast.com/2017/05/02/top-nelson-mandela-quotes-inspire-you-to-believe/
https://www.timeslive.co.za/news/south-africa/2019-11-18-whites-earn-three-times-more-than-black-people-stats-sa/
https://www.un.org/sg/en/content/sg/statement/2020-07-18/secretary-generals-nelson-mandela-lecture-%E2%80%9Ctackling-the-inequality-pandemic-new-social-contract-for-new-era%E2%80%9D-delivered